Inzukazikeyi Yokufunda Nokufundiswa KwesiZulu ULimi lwesiBili Emabangeni Akhaphezelayo (4-6) Ezikoleni EziseSiyingini SaseMlazi, KwaZulu-Natali
Ukufunda nokufundisa ulimi lwesiZulu ezikoleni zaseNingizimu Afrika kusabukeka kunezingqinamba eziningi ezidalwa ukuthi siwulimi olwalucindezelwe ngesikhathi sobandlululo. Ukuhlelwa koHlelo lwezifundo nakho kubukeka kungadlali indima etheni ekulekeleleni ukuba isiZulu sifundiswe ngendlela ezothuthukisa abafundi futhi baphumelele ngokwezinga lolwazimfundo.

